Jump to content

Impisi

Kubuya ku Wikipedia
Impisi

Impisi iyisilwane sasendle esihlala ezindaweni ezahlukene zase-Afrika. Iyisilwane esidla inyama futhi saziwa ngokuba namandla nokuhlakanipha. Impisi ihlala ngamaqembu futhi ixhumana nezinye izimpisi ngokusebenzisa imisundo ehlukahlukene.[1]

Impisi idla inyama yezilwane ezifana nezinyamazane, onogwaja nezinye izilwane ezincane. Izingela ngokubambisana nezinye izimpisi uma zizingela izilwane ezinkulu. Iphinde idle inyama yezilwane esezifile.[2]

Impisi izalana ngokuthi iduna lihlangane nensikazi. Insikazi ithwala amazinyane isikhathi esingangezinyanga ezintathu. Uma amazinyane ezalwa, ahlala nonina aze akhule futhi afunde ukuzingela nokuziphilisa.[3]

  1. ↑ "Hyena | African Wildlife Foundation". www.awf.org (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2026-09-20.
  2. ↑ Koehler, Kathryn (2022-01-05). "What Do Hyenas Eat? A Guide to Their Diet". A-Z Animals (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2026-09-20.
  3. ↑ "Dailymotion". www.dailymotion.com (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2026-09-20.